Idokhumende kamazisi , yidokhumende efakazela ubuyena bomuntu. Amadokhumende kamazisi anikezwa kwizakhamizi zaseNingizimu Afrika noma kubantu abanezimvume zokuhlala ezweni unomphela, abaneminyaka engu-16 nangaphezulu. La madokhumende anganikezwa nakunoma ngubani omunye umuntu osebenzela uhulumeni noma inhlangano esungulwe ngokulandela umthetho ngaphandle kweNingizimu Afrika, noma umuntu ocelwe ukusebenza egameni likahulumeni kwelinye izwe. Lokhu kunikezwa nakowakwakhe noma ezinganeni.
Yenza isicelo kwihhovisi eliseduzane leZangaphakathi noma imission uma ungaphandle kwezwe.
Gcwalisa ifomu le-BI-9.
Fakela isitifikedi sakho sokuzalwa noma ipasi lakudala elalinikezwa ngaphambi komhlaka-1 kuJuly 1986.
Uma ukuzalwa komuntu kungabhaliswanga , kanti futhi singekho isitifikedi sokuzalwa, gcwalisa ifomu le BI-24/15 ebese uhambisa nenye yamadokhumende asekelayo, isibonelo, isitifikedi sokubhabhadiswa, incwadi yesikole, noma isitifikedi sokukhulelwa.
Fakela izithombe ezimbili zosayizi kamazisi.
Kuzothathwa iminwe ukuze ifakelwe kuhla lwabantu ezweni.
Abenzi bezicelo abashadile kumele bakhiphe namakhophi ezitifikedi zomshado.
Owesimame owenza isicelo sikamazisi nakhona ofisa ukusebenzisa esinye sezibongo ayaziwa ngaso, kumele anikeze nobufakazi bokuthi unelungelo lokusebenzisa leso sibongo.
Umuntu obuya ngaphandle kwezwe, owenza isicelo sikamazisi , kumele afakele nemvume yokuhlala ezweni unomphela, kanye nesitifikedi sokuba nelungelo lokuba yisakhamuzi sezwe noma isitifikedi sokukhishwa phansi kwezibopho , isitifikedi somshado kwifomu le-BI-529.
Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisishagalombili.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.
